Ilimaze abantu indoda ebihlome ngesaha

2017-07-25 07:00

Geneva - Ilimaze abantu abalinganiselwe kwabahlanu indoda ebihlome ngesaha esigamekwenio sokuhlasela esenzeke edolobheni eSwitzerland ngoMsombuluko, kubika abezindaba endaweni.

Abezindaba iBlick bathe amaphoyisa, abama-ambulensi kanjalo nendiza enophephela emhlane baphuthume endaweni yesigameko eSchaffhausen afike avala imigwaqo endaweni.

OLUNYE UDABA:Kushone 24 kwalimala 42 kuqhuma ibhomu

Abebekhona endaweni yesigameko, kubalwa nemenenja yesitolo esikhona endaweni, batshele iBlick ukuthi umsolwa ubehlome ngesaha nokuthi kuvalwe izitolo kwaxoshwa nabantu endaweni.

Amaphoyisa atshele abezindaba ukuthi kube nesigameko kodwa amaphoyisa abengakaqinisekisi ukuthi lisebenzile yini isaha.

Athe asemhlonzile umsolwa, eqhuba ngokuthi mude futhi ugunde imbungculu. Kukholakala ukuthi uhamba ngemoto yohlobo lweVolkswagen ene-number plate yakhona kuleli dolobha.

Amaphoyisa athi isigameko "akusiso esobushokobezi."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.