Iloli liphaphalaze layongena emzini oKwaDabeka

2017-09-17 17:29

eThekwini - Umphakathi waKwaDabeka Sub-5 usashaqekile kulandela ukukhalakathela kweloli emzini womuntu layolala amankeyane.

Okhulumela amaphoyisa akwaDabeka uCaptain Mazwi Mbatha usiqinisekisile lesi sigameko, wathi akulimalanga muntu kodwa umshayeli uphuthunyiswe emtholaphilo ukuyoxilongwa.

“Umshayeli uhlulekile ukulilawula iloli laphaphalaza layokhalakathela emzini womuntu, ngenhlanhla awuthintekanga, icala lengozi livuliwe esiteshini samaphoyisa kwaDabeka,”kuchaza uMbatha.

Yize kungalimalanga muntu kulesi sigameko kodwa umphakathi wakule ndawo ukhala ngokungafakwa kwezinsimbi ezibiyela unqenqema lwalo mgwaqo.

Izakhamuzi zakule ndawo zithi ziningi izingozi ezifana nalezi zenzeka kulen dawo kodwa lo ludaba kalusukunyelwa.

OLUNYE UDABA:Kushone abathathu iloli lishayisa isihlahla

UPhumelele Mavundla ongumnikazi womuzi ubesashaqekile ngesikhathi i-Eyethu Intshonalanga ikhuluma naye.

“Mina bengingekho ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko okungiphatha kabuhlungu ukuthi bengishiye abazukulu bodwa endlini, ngivele ngaxegelwa ngamadolo ngesikhathi ngibona iloli lilele ngomhlane kanye nequlu labantu likake umuzi wami,” kuchaza uMavundla.

Uthe noma engakasitholi isikhathi sokubheka ukuthi akukho yini okonakele ngaphakathi emzini wakhe, kodwa uphahla lwetsheboya (asbestos) unembobo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.