ILonmin ikhathazekile ngokubulawa komunye umvukuzi

2017-10-19 16:00

Marikana – Inkampani iLonmin isizwakalise ukukhathazeka kulandela ukushona kwesinye futhi isisebenzi, uTholakele Dlunga, kuleli sonto, ongowesithupha ukushona ezimayini zaseNorth West ezinyangeni ezintathu ezedlule.

"ILonmin ikhathazekile kakhulu ngezigameko zakamuva zokudubulana ezenzeka embonini ye-platinum.

“Inkampani iyazi ngokushona komuntu wesithupha nangokulimala kwabathathu ezigamekweni zokudubula ezenzeke kulesi sifunda esikhathini esiyizinyanga ezintathu eLonmin," kusho isikhulu esiphezulu uBen Magara esitatimendeni ngoLwesine.

Isigameko sakamuva, umuntu ongaziwa udubule uDlunga, oshonile ngokuhamba kwesikhathi ngenxa yokulimala kabi, kusho inkampani.

Esinye isihlobo sikaDlunga sidubuleke salimala kulesi sigameko, kusho uMagara.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sosana emfuleni eMlazi

"Sikhalisana kakhulu nomndeni kanye nabangani. Ushiye emhlabeni umkakhe kanye nezingane ezintathu.”

Inkampani isicele ukuba kwehliswe umoya, kubenokuthula nokubekezelelana, yaphinde yathi izibophezele odabeni lokudala ukuthula nozinzo, nasekuphumeleni kwenkampani, abasebenzi bayo kanye nomphakathi.

Uphinde wathi inkampani isiqalise izingxoxo noNgqongqoshe weziMbiwa phansi uMosebenzi Zwane, uNdunankulu waseNorth West uSupra Mahumapelo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula kanye nomengameli we-Association of Mineworkers and Construction Union (AMCU), uJoseph Mathunjwa ngalolu daba.

Ube esecela amaphoyisa ukuba abophe izigilamkhuba.  

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.