Ilungu le-ANC selivumile ukuvala umlomo walo ngodaba lukaZuma

2017-08-01 11:26

Johannesburg – I-ANC eGauteng isicele ilungu le-ANC ePhalamende uMondli Gungubele ukuba liyeke ukukhuluma esidlangalaleni ngodaba lokuvota esiphakamisweni sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

"Ngemuva kokunikeza ithuba uGungubele lokuba achaze uhlangothi lwakhe, welulekwe waphinde wacelwa ukuba ahlukane ngokukhuluma ngalolu daba esidlangalaleni,” kusho i-ANC esitatimendeni ngoLwesibili.

Usamukele iseluleko sobuholi besifundazwe wavuma ukuba ngeke asakhuluma ngalolu daba.

Isifundazwe sicele amalungu e-ANC ukuba ahlukane nokukhuluma esidlangalaleni ngezinto okumele zikhulunywe ngaphakathi.

OLUNYE UDABA: Kugxeke ukubulawa kukathishanhloko eGoli

Ngeledlule, uGungubele utshele iNews24 ukuthi uzoseseka isiphakamiso uma sekuvotwa ePhalamende ngo-Agasti 8.  Wazwakalisa ukuthi lokhu uzokwenza nakuba ikomkhulu le-ANC kanye nesigungu se-ANC ePhalamende bethe abalandele umyalelo wenhlangano uma sekuvotwa.

NgoMsombuluko, usotshwebhu omkhulu we-ANC uJackson Mthembu uthe uGungubele wephule umthetho wokuziphatha, wacela iqembu ukuba limthathele izinyathelo.

UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe uthe i-ANC kuzwelonke ngeke imthathele izinyathelo uGungubele, wathi lolu daba ulushiyela ezinhlakeni zesifundazwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.