Ilwela impilo yayo ingane edle amaphilisi angaziwa KwaMashu

2016-07-20 11:31

Johannesburg - Ingane yentombazane eneminyaka emihlanu ubudala ilwela impilo yayo ngemuva kokuba yona nabafowabo ababili bagwinye amaphilisi.

La maphilisi abesephepheni lamaphilisi ezinhlungu kodwa akwaziwa ukuthi athakwe ngani.

OLUNYE UDABA: Onomdlavuza ukhiphe usuku azozibulala ngalo

ULondeka Nkwanyana waKwaMashu enyakatho neTheku nabafowabo uNkanyiso, 3, noSondelwa Nala, 2, baphuthunyiswa esibhedlela ngeSonto.

Lezi zingane zontathu zathola amaphilisi endlini ngoMgqibelo ebusuku.

Abafowabo bentombazane basesimeni esikahle kodwa kumbulwa kwembeswa entombazane.

Abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal baxwayise abazali ngokuthi babeke amaphilisi kude nezingane.

Abomndeni abathandanga ukuphawula, kubika iDaily Sun.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.