IMabala 'izingela' inkosi ye-Kwaito

2018-03-04 12:29

Durban - Umnikazi wenkampani yodumo iMabala Nois Entertainment, uReggie Governor Nkabinde, kubikwa ukuthi uzama ukunxenxa inkakha emculweni ukuba isebenzisane nenkampani yakhe ngenhloso yokuyivusa.

IMabala Noise imangaze abaningi eminyakeni emibalwa eyedlule isayinisa osaziwayo abahlukene okubalwa abaculi, abalingisi, oDJ nabethuli bezinhlelo zikamabonakude.

Le nkampani  ithathwe njengenkulu eNingizimu Afrika ngokusayinisa osaziwayo abanohlonze futhi asebezakhele igama kulo mkhakha.

OLUNYE UDABA:IMabala Noise izomemezela ukudedelwa kwabaculi abayisikhombisa

Muva nje kubukeka le nkampani ifadalala njengoba isishiywe yinqwaba yalabo saziwayo kanye nezikhulu zayo.

ILANGA LangeSonto emasontweni ambalwa adlule libikile ngokushiya kwezikhulu zale nkampani nokuthi kubukeka izinto zimapeketwane kuyona.

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngomunye umthombo osondelene nezindaba zaseMabala, uNkabinde kuthiwa usezingxoxweni nenkakha yomculi, u-Arthur Mafokate, naye onenkampani yakhe enabaculi i-999 Music ukuthi azozama ukuvusa le nkampani okubikwa ukuthi isinedlanzana lamaciko.

Umthombo uthi uNkabinde obuye abe nguMgcinimafa we-African National Congress Youth League (ANCYL) useke waba nemihlangano noMafokate ngenhloso yokuba abeyingxenye yale nkampani.

"Inkinga wukuthi u-Arthur akasithathi isinqumo ngesicelo sikaNkabinde njengoba emanqika ukujoyina le nkampani kwazise usafuna ukuqonda isizathu sokushiya kwabantu isigubhukane kule nkampani," kuchaza umthombo.

Thola udaba oluphelele kqiphephandaba iLANGA LangeSonto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.