Imali ayingasetshenziswa ematshwaleni - Imeya ixwayisa abe-EPWP

2018-02-23 07:14

eThekwini - IMeya yaseZululand uThulasizwe Buthelezi idonse ngendlebe abaqashwe ngaphansi kohlelo lwe-Expanded Public Works Progarmme (EPWP) ngokusebenzisa ngendlela imali abazoyihola.

UButhelezi uthe: "Ngifisa ikakhulukazi abantu besifazane bayisebenzise ngendlela imali, ingapheleli ematshwaleni kodwa isetshenziselwe ukuxosha ikati eziko."

Lolu hlelo olungaphansi koMnyango wezaManzi nokuThuthwa kweNdle lwethulwe oLundi, eNdonsa Art &Sport Center, yiMeya yase Zululand District uThulasizwe Buthelezi.

Umcimbi ungakaqali kuke kwaba khona iqeqebane labantu abangaphansi kwabayishumi abebekhala ngokuthi ayilandelwanga imigudu efanele.

Babalelwa ku-240 abantu abazoqashwa ngaphahansi kwalolu hlelo futhi bonke abazoqashwa bazothathwa kubo bonke omasipala abangaphansi kweZululand.

Kuzokwenziwa imisebenzi eyahlukahlukene ngaphansi kwalolu hlelo, okubalwa nokuhlanzwa kwamapayipipi nezitamkoko.

OLUNYE UDABA: UMasipala weTheku uyaphenya ngolukakhaphethi wezindodla kuMkhosi woMhlanga

Ngesikhathi yethula inkulumo yayo, le Meya itshele amalungu omphakathi ukuthi benze ubulungiswa ngesikhathi beqasha abantu abazosebenza ngaphansi kwalolu hlelo.

Ithe KwaNongoma kuthathwe abantu abangu-60, oPhongolo bangu-50 oLundi nakhona bangu-50 kanti eDumbe naseBaqulusini bathathe abantu abangu-40.

UThulile Mnyandu, 29, waKwaNongoma uthe ujabule kakhulu ngokuba yingxenye yalolu hlelo ngoba lokhu abazokuthola kuzobasiza bakwazi ukubeka ukudla etafuleni njengoba kunzima ukuthola amathuba emisebenzi ezindaweni zangasemakubo.

"Impilo inzima kithi esingasebenzi ngoba kwesinye isikhathi besivele silale ngophuthu namanzi. Nginethemba lokuthi isimo sizoshintsha ngalolu hlelo, sengizokwazi ukwenza umehluko emndenini wakithi nezingane zami sezizokwazi ukuthi zifane nezinye esikoleni” kusho uMnyandu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.