IMamelodi Sundowns izobhekana nelaseZimbabwe

2017-01-26 10:00

Johannesburg - Sekuqinisekisiwe ukuthi iMamelodi Sundowns izobhekana neqembu laseZimbabwe, i-FC Platinum, emdlalweni wobungani, kubika iSoccer Laduma.

Kusanda kubikwa ukuthi leli qembu laseZimbabwe liseNingizimu Afrika njengoba lizilungiselela ukuqala kwesizini.

Amalungiselelo asenziwe okuba leli qembu libhekane neSundowns kowobungani eRustenburg ngempelasonto.

OLUNYE UDABA: UMajoro ufuna ukuqhubeka lapho egcine khona

IDowns iseNorth West lapho izilungiselela khona isigaba sesibili sesizini ka-2016/17 kanti okhulumela i-M Sport Management, uMichael Ngobeni, okunguyena obehlela ukuba leli qembu laseZimbabwe lize eNingizimu Afrika, ukuqinisekisile ukuthi umdlalo kulindeleke ubengoMgqibelo.

“I-FC Platinum izodlala neSundowns eRustenburg. Umdlalo wobungani lona ozodlala ngoMgqibelo. Lo mdlalo ubukeka uzobamnandi kakhulu,” kusho uNgobeni.

IDowns kulindeleke ivakashele iBloemfontein Celtic eDr. Molemela Stadium ngoFebhuwari 8, emdlalweni wayo wokuqala wonyaka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.