IMangosuthu izoqinisa ezokuphepha ezindaweni ezihlala abafundi kulandela ukubulawa kukaZolile

2018-05-08 19:25

Kuzofakwa ama-metal detectors kuzona zonke izindawo ezingaphandle okuhlala kuzo abafundi baseMangosuthu University of Technology (MUT) kulandela isigameko sakamuva sokubulawa kwesitshudeni eLonsdale, eThekwini.

Iziphathimandla zasenyuvesi zibize isithangami sabezindaba ngoLwesibili eMlazi, eningizimu yeTheku, zaveza ukuthi sezibhalele abanikazi bezindawo okuhlala kuzo abafundi ukuba kufawe le mishini ngokushesha.

Isitshudeni ebesenza unyaka wokuqala ezifundweni zeQuantity Surveying, uZolile Khumalo, 21, wadutshulwa wabulawa ezintatha ngoLwesibili olwedlule, endaweni ayehlala kuyo eseThekwini.

OLUNYE UDABA: Uhleli lubhojozi umndeni otakule uThabani Mzolo osizini

Kusolakala ukuthi wadutshulwa nguThabani Mzolo, 23, okukholakala ukuthi ubeyisoka likaKhumalo.

Amaphoyisa athola umufi enamanxeba okudutshulwa endaweni yesigameko, eseshonile.

UMzolo owake wafuna e-MUT, wabe esebhala kuFacebook ngemuva kwesigameko imibhalo yakhe izwakalisa sengathi uvuma icala.

Kuthiwa wangeniswa eLonsdale omunye umfundi, ngokusho kwesikhungo. Amaphoyisa aqhuba ngokuthi uMzolo wazinikela kuwo ngemuva kwesehlakalo.

Kwatholakala isibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni endaweni yesigameko.

"Umsolwa, uThabani Mzolo, obefunda lapha e-MUT kanti waphuma ngo-2017," kusho isekela likashansela ophinde abe nguthishanhloko, uDkt Enock Duma Malaza.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.