IMarikana akuyona inkundla yezepolitiki - Amcu

2017-08-23 16:02

Johannesburg - Inyunyana yabasebenzi i-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) ithi kuyiqiniso ukuthi lowo ogaqele isikhundla sokuhola i-ANC uNkosazana Dlamini-Zuma uvinjiwe ukuba abeke izimbali eKoppie eMarikana eNorth West, ngenxa yokuthi le ndawo ‘ingengcwele’.

I-Amcu ithi akuzange kubenokuxoxisana phakathi kwabe-ANC kanye nobuholi benyunyana nabafelokazi ngalolu hambo.

UDlamini-Zuma uhambele indawo okwabulawelwa kuyona abavukuzi abangu-34 eminyakeni emihlanu edlule, eyobeka izimbali.

OLUNYE UDABA: Ulale okokuqala ejele owabulala umkakhe ngo-2014

UMengameli we-Amcu uJoseph Mathunjwa uthi uDlamini-Zuma akayena owokuqala ukuxoshwa kule ndawo.  

"....uzokhumbula ukuthi ngomhlaka 15 Agasti umholi weDemocratic Alliance (DA) uMmusi Maimane naye waxoshwa kule ndawo, ngesikhathi efuna ukuzobeka izimbali.

“Leya ndawo ithathwa  njengengcwele, akuyona inkundla yokuqoqa amaphuzu ezepolitiki. Ngakho-ke noNkosazana, akazange axoxisana nehhovisi le-Amcu kuzwelonke, elesifunda, izinhlaka zayo noma abafelokazi.”

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.