IMaritzburg United ixwayisa ngamathikithi omdlalo weChiefs angombombayi

2017-02-03 18:14

Johannesburg - IMaritzburg United ixwayisa ngamathikithi angumbombayi azungezayo omdlalo weligi ozobe uphakathi kwaleli qembu neKaizer Chiefs eHarry Gwala Stadium ngoFebhuwari 11.

IMaritzburg esitatimende,  ithe: “IMaritzburg United izosingatha iKaizer Chiefs eHarry Gwala Stadium ngoFebhuwari 11, 2017. Umphakathi uyaxwayiswa ngamathikithi abhalwe iComputicket angombombayi adayiswayo ngalo mdlalo.

“Kuyacaca ukuthi kunabantu abakhiqiza amathikithi angombombayi.”

“Niyanxuswa ukuthi amathikithi kumele niwathenge kuphela eComputicket noma esitolo seMaritzburg United esisemahhovisi eqembu ku-397 Victoria Rd, eSupersave noma e-OK Mini Market kuCollege Road.

 OLUNYE UDABA: IDowns isibekwe icala yi-PSL 

“Kuzosetshenziswa imishini yokuhlola amathikithi esangweni ngobusuku bomdlalo kanti abanamathikithi okutholakala ukuthi awekho semthethweni ngeke bangeniswe enkundleni.”

IThe Team of Choice izodlala umdlalo wayo wokuqala wonyaka nePolokwane City e-Old Peter Mokaba Stadium ngoFebhuwari 8.

Iqembu likaRoger de Sa lilele kunombolo 8 ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-15, kubika iKickOff.com.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.