Imashi yeCosatu iphazamise ukufunda eGoli - Umbiko

2017-09-27 14:02

Johannesburg - Kuphazamiseke ukufunda ezingxenyeni zaseGoli njengoba amalungu enyunyana yabasebenzi iSadtu beqinisekise ukuthi bazobayingxenye yesiteleka sikazwelonke seCosatu.

ESoweto, abafundi kubikwa ukuthi bathe akufundwa namhlanje.

Iningi labafundi kuthiwa lijikisiwe ezikoleni ngenxa yokuthi othisha bebezoba yingxenye yemashi yeCosatu eyihlele ngokubambisana ne-SACP.

Ngenxa yokuthi akukho okunye ebebengakwenza, abafuni babonakale bezizulela emigwaqeni yaseSoweto begqoke imifaniswano yabo yesikole.

OLUNYE UDABA: ICosatu ifuna kubuyekezwe amathenda anikwa izinkampani zabakwaGupta

Iningi labo kuthiwa lizwakalise ukudumala okukhulu ngokuthi ngeke lifunde namhlanje.

Bathi ukungafundi kwabo kuzophazamisa amalungiselelo okuhlolwa ekupheleni konyaka, kubika iSABC.

ICosatu ithe imashi eyokuzwakalisa kwabo ukungahambisani nokulahleka kwemisebenzi, ama-labour brokers, yinkohlakalo kanye ne-state capture.

UZwelinzima Vavi kanye nezinye izinyunyana bazwakalise ukuyigxeka iCosatu ngale mashi, njengoba bethi inhloso yeCosatu ukweseka lowo abafuna abengumengameli olandelayo we-ANC, hhayi ukulwisana nezinto abazibalulayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.