Imayini kumele ivalwe kuze kuqinisekiswe ukuphepha kwabavukuzi - Inyunyana

2018-02-02 11:00

Johannesburg - Inyunyana yabasebenzi abasebenza ngensimbi eNingizimu Afrika ngoLwesihlanu iveze ukuthi ifuna imayini iSibanye Stillwater eseBeatrix, ivalwe.

Le nyunyana ifuna le mayini ivalwe kuze kube wukuthi kuyaqinisekiswa ukuphepha kwabavukuzi abebevaleleke emgodini ngemuva kokuthi kuphele ugesi.

INumsa ithi abaqashi kabanendaba nempilo yabavukuzi kodwa babheke kakhulu inzuzo abazoyenza.

"Babheke kakhulu inzuzo kunokuphepha kwabasebenzi. IBeatrix Mine izohlala ivaliwe kuze kugoqwe uphenyo ngalesi sehlakalo," kusho le nyunyana ngesitatimende.

Abatakuli basebenze kwaze kwasa bezama ukutakula la bavukuzi. Imizamo yokubahlenga ike yaphazamiseka ngenxa yokuthi ezinye izingxenye zomgodi bezingenawo ugesi.

OLUNYE UDABA:Sebehlengwe bonke abavukuzi abebevaleleke ezimayini eF State

Laba bavukuzi bavaleleka ngaphansi emgodini ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi kuhamba ugesi bangakwazi ukuphuma ngekheshi abajwayele ukuyisebenzisa.

Yize bengekho abashonile kulesi sehlakalo, kodwa abavukuzi bathi kube yisimo esinzima kakhulu kubona.

Becashunwa emsakazweni uKhozi FM, abavukuzi ababili bathe lesi bekuyisimo esinzima kakhulu kubona njengoba balale ngaphansi emgodini futhi bengenakho ukudla.

"Sigcine sithenjiswa ukuthi sizolethelwa ukudla, kodwa akuzange kufike kithina, silale singazi noma siyoke siphume sisaphila na kulo mgodi," kusho omunye wabavukuzi etshela intatheli yoKhozi FM.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.