Imbokodo ihlanganyele ndawonye kwezamabhizinisi eShowe

2017-07-21 19:28

Durban - Osomabhizinisi abaqinile babambisene nabasafufusa emcimbini obubanjelwe eCity Hall eMgungundlovu, kubika i-KZN Eyethu.

“Thina sikhule kubanjiswana kumele sikhuthazane sibuyele ezintweni esasizenza sisakhula,” kusho uDkt Gcina Mhlophe.

UMhlophe ubeluleka abesimame abasafufusa emcimbini othathe izinsuku ezimbili.

“Ngithokoza ngaphakathi uma ngisezindaweni ezinje lapho abantu bezama ukuzithuthukisa. Sebenzelani ukwenza amagama enu athembeke,” kusho yena.

Lomcimbi ubuhanjelwe wumsakazi woKhozi Fm uVukile Nongcebo Mckenzie kanye nezinhlangano ezahlukene zizokweseka intuthukuyo yabesimame.

OLUNYE UDABA:'UCassper uqhathe osomabhizinisi baseMlazi'

UMaria Ngubane, 72, Sweetwaters owenza umsebenzi wokuthunga uthe imicimbi efana nalena ibasiza kakhulu ngoba bathola ukwazana nalabo abebengawazi umsebenzi wabo bawubone.

USthandiwe Dimba oyi- Corporate Social Investment Co-Ordinator eThala uthe bafuna ukuhalalisela abesifazane abasazibambe zaqina emabhizinisini nokuthi izinto zibashaya kodwa baqhubeka nokuyibamba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.