Imeya ikhala ngokugqoza kwentuthuko endaweni yamaqhawe

2018-04-06 12:34

Durban - IMeya yomkhandlu iMbizana e-Eastern Cape uDaniswa Mafumbatha, uthi akubaphathi kahle ukugqoza kwentuthuko endaweni yabo lapho kuzalwa khona amaqhawe afana no-Oliver Tambo, uWinnie Madikizela Mandela kanye nabanye abaholi. 

UMafumbatha ubekhuluma engxoxweni ekhethekile neZindaba24 nalapho eveze ukuthi kubashayisa ngovalo ukubona izinto ezenzeka emindenini yalabo abalwela intando yeningi ekubalwa kuzo ukunganakwa kwemindeni yabo kanye nezindawo abakhulela kuzo.

Ukhuluma lokhu nje emuva kwemibiko esabalele yokugqoza kwentuthuko eMbhongweni e-Eastern Cape lapho kwazalelwa khona ingqalabutho esanda kukhothama uMama uWinnie njengoba kukhalwa ngemigwaqo engekho esimeni, ukungabikho kukagesi nokuthi izikole zendawo kazikho ezingeni eligculisayo. 

OLUNYE UDABA:Isasasa iMeya yethula izinhlelo zentuthuko eMandeni 

Kuthiwa kwasayena umama uWinnie ushone ebuza ukuthi kwakhala nyonini ngendawo yangakubo njengoba lungekabibikho ushintsho selokhu ahamba kuyo. 

Ngakolunye uhlangatho, nendawo yesikhumbuzo sika-OR Tambo lapho azalelwa khona eMbizana nayo kwake kwabikwa ukuthi kayinakiwe. 

"Sike sahlangana nomengameli wangaphambilini uJacob Zuma salubeka lolu daba siveza ukuthi izindawo zalabo abalwela inkululeko zihlonishwe njengendima abayidlala emzabalazweni nokuthi zithuthukiswe.

"Naye uMengameli osanda kungena uCyril Ramaphosa useyazazi lezi zikhalo kangangoba ucele simbhalele konke esifisa kwenzeke." kusho uNkz Mafumbatha. 

UMengameli uRamaphosa kulindele ukuthi ahambele eMbizana ngoLwesibili oluzayo enkonzweni yesikhumbuzo sikaMama Winnie. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.