IMeya isolwa ngokubhubhudla imali yabakhokhi bentela idla izibiliboco

2017-05-19 07:01

Johannesburg - IMeya kaMasipala wendawo yaseMfuleni, uSimon Mofokeng, isichithe imali engu-R1 772 549.28, idla ukudla kwasezitolo okubalwa kukho i-KFC, neNandos enye imali iyichitha nasemahhotela.

Lokhu kudalulwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu nokuHlaliswa kwaBantu eGauteng, uPaul Mashatile, ngesikhathi kuphendulwa umbuzo weDemocratic Alliance esiShayamthetho, lokhu kungokusho kwesitatimende selungu lesiShayamthethio, uKingsol Chabalala.

OLUNYE UDABA:Ihlafuna ijeqeza iMeya yakwaMhlabuyalingana esongelwa abasebenzi

"IMeya uMofokeng isebenzise isamba semali esishaqisayo esingu-R1.1 million phakathi konyaka wango-2011 no-2015 esayiMeya kaMasipala waseSedibeng ngaphambi kokuba abe yiMeya yaseMfuleni lapho esebhubhudle khona enye imali engu-R629 000 phakathi kukaNovembva 2015 no-Ephreli 2017."

Uphinde wabuza nangemali esetshenziswa ukuthelela uphethiloli nokuqasha izimoto.

I-DA icele ihhovisi likaMashatile ukuba likhiphe eminye imininingwane okubalwa kuyo imali esetshenzisiwe neziliphu zemali eyasetshenziswa yimeya ekhadini likahulumeni.

 

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.