IMeya yaseGoli inxusa umphakathi waseRosettenville ukuba wehlise ulaka

2017-02-07 14:33

Johannesburg - IMeya yaseGoli uHerman Mashaba iphuthume eRosettenville iyozama ukunxusa umphakathi ukuba wehlise ulaka.

Lokhu kulandela ukushiswa kwemizi emithathu kanye nethaveni ngamalungu omphakathi asola ukuthi le mizi isetshenziswa yizigilamkhuba.

Iphephandaba lomphakathi i-Rising Sun Lenasia libike ukuthi lo mphakathi uthe usuzame kaningi ukuxhumana namaphoyisa kodwa ungaphumeleli.

Amanye amalungu omphakathi athe azoqhubeka nokushisa imizi kanye namathaveni agcina imigulukudu kanye nabaqwayizi.

Kukholakala ukuth le mizi eshisiwe ingeyabantu abadabuka kwelaseNigeria.

OLUNYE UDABA:Bakhala ngezigilamkhuba ezilutha umphakathi eMpophomeni

UMashaba utshele leli phephandaba ukuthi amalungu omphakathi ambikele ukuthi le mizi isetshenziswa ngabokufika abadabuka eNigeria kanti bayisebenzisela ukudayisa umzimba.

“Kuthiwa kunezingane ezincane ezineminyaka elinganiselwa kwengu-9 ezingabaqwayizi. Iningi lalaba besimame abanabo omazisi.”

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uCaptain Mavela Masondo uthi amalungu omphakathi akhombe imizi esetshenziswa yilabo abadayisa izidakamizwa kanye nabaqwayizi.

“Bakhiphe impahla ebiphakathi kule mizi bayishisa. Kuvulwe icala lokulimaza impahla kanye nelokudala udlame emphakathini.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.