IMeya yaseKapa ithi ngeke ivume ukugudluzwa esikhundleni sayo

2018-01-08 14:05

eKapa - IMeya yaseKapa uPatricia de Lille uthi ngeke avume ukugudluzwa esikhundleni sakhe ngaphandle kwesizathu esiphathekayo.

Lokhu ukuveze njengoba kuqhubeka inqubo yophenyo ngaye olwenziwa yiqembu iDemocratic Alliance.

Leli qembu lisacubungula ukuthi ngabe lisamethemba na njengomholi oqotho uDe Lille.

Igama lale meya liyavela embikweni ohlanganiswa yithimba labameli ngokwezinsolo zokuthi kunenkohlakalo efihliwe kuleli dolobha eliholwa nguyena.

OLUNYE  UDABA: URamaphosa uyisigwili, ngeke ebe - Mantashe

Yize kunjalo, uDe Lille ube nengxoxo nomsakazo i-Cape Talk/702 ngoMsombuluko lapho akubeke kwacaca ukuthi laba abamsola ngenkohlakalo kumele baveze ubufakazi bezinsolo abanazo.

"Ngeke ngiye ndawo ngoba nginomsebenzi engiwunikwe yilabo abangivotela nokuyizakhamuzi zakuleli dolobha," kusho yena.

Uthi ngeke alivumele iqembu i-DA limkhiphe emsebenzini ngenxa yezinkinga zokungezwani nokuyinto engahambisani nakancane nomsebenzi awenzayo.

Uthi igama lakhe lidicilelwa phansi yilabo abangamthandisisi njengoba bemsola ngenkohlakalo kodwa abakaze babuveze ubufakazi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.