Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma uthi imfundo iyisikhali sezinguquko kwezomnotho eNingizimu Afrika.
UZuma ubekhuluma nabantu ebebethamele ilekgotla yoMnyango weMfundo eyisiSekelo eCenturion ngoLwesibili.
Uthi umhlangano walo nyaka kuhloswe ngawo ukuhlonipha u-Oliver Tambo, owayeyisibonelo sakho konke okuhle futhi ewuhlonipha umsebenzi wokufundisa.
OLUNYE UDABA: Kushone umfana oneminyaka engu-7 engozini yemoto
UZuma uthi imfundo uyisitebhisi sokuphuma enhluphekweni, wathi imfundo iseqhulwini kuhulumeni.
UMengameli ucele bonke abathamele lo mhlangano ukuba basebenzise lesi sikhathi ukuqhamuka namasu azokwenza ngcono uhlelo lwezemfundo eNingizimu Afrika.