Imibiko engaqinisekisiwe yokubonakala kwengwe eMatsulu

2017-08-17 16:00

Mpumalanga - Izakhamuzi zaseMatsulu namaphethelo zixwayiswa ngokubonakala kwengwe, kubika iMpumalanga News.

Yize le mibiko ingakaqinisekiswa kodwa kukholakala ukuthi lesi silwane seqe esiqiwini iKruger National Park.

Ngokusho kwesakhamuzi esizwakale emsakwazeni iLigwalagwala FM sithi sibone ingwe ngasemfuleni okule ndawo.

OLUNYE UDABA:Ngeke ibulawe ingwe ebulale isisebenzi - Umbiko

Kodwa-ke ngokubika kwabeMpumalanga Tourism and Parks Agency (MTPA) bathi isifundazwe asikwazi ukuqinisekisa lezi sinsolo.

UKholofelo Nkambule, ongumxhumanisi kule nhlangano, uthi uma kukhona onolwazi ngokubonakala kwalesi silwane, angaxhumana namaphoyisa ukuze kuzophenywa.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga eyedlule kwadutshulwa kwabulawa amabhubesi amathathu ayeqe esiqiwini iKruger National Park.

Okhulumela iSANParks, uWilliam Mabasa, ngaleso sikhathi wathi ibhubesi eleqa kuqala labulawa wumnikazi wepulazi ngemuva kokuba libulale izinkomo zakhe ezintathu.

Base bebulala nalawa amanye amabili ngokuhamba kwesikhathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.