Imibuzo ngokunyamalala komethuli we-OPW

2018-04-22 16:00

Durban - Sekushiye imibuzo ukungabonakali komethuli wohlelo i-Our Perfect Wedding, uKayise Ngqula, ongene kulolu hlelo ngemuva kokudla umhlanganiso emncintiswaneni wokuthungatha umethuli walo.

UKayise sekuphele cishe amasonto amathathu engabonwa kulolu hlelo olukhonjiswa kuMzansi Magic ngeSonto ntambama.

Okwamanje lolu hlelo lubanjwe nguNomusa Buthelezi okewalubamba phambilini.

Ukudideka kwababukeli ngokungabonwa kwalo methuli kugqame ezinkundleni zokuxhumana lapho bebebuzana khona ngokunyamalala kwakhe.

OLUNYE UDABA:Owayengumethuli we-OPW uveza izizathu ezamenza walaxaza lolu hlelo

UBongi Metsing okhulumela uMzansi Magic uthi kuphele isikhathi sesivumelwano uKayise abenaso nabo.

"Ngesikhathi enqoba kuvunyelwene ukuthi uzokwethula isizini eyodwa eneziqephu ezingu-13.

"Nebala ukwenzile lokho wasiqeda isikhathi ebekuvunyelwene ngaso," kusho uBongi.

Uqhube wathi basazohlala phansi babhunge ngekusasa lakhe.

Ngakolunye uhlangothi omunye umthombo ongaphakathi kuMzansi Magic utshele ILANGA LangeSonto ukuthi uKayise usesekhefini, usazobuya kulolu hlelo olubalwa njengoluhamba phambili ngababukeli.

Ethintwa uKayise, utshele leli phephandaba ukuthi uzokwazi ukuphawula ngalolu daba ngoMsombuluko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.