Imigwaqo yaseKapa ivalwe yizikhukhula kwakhahlamezeka nezindlu

2017-01-27 16:01

Cape Town – Imigwaqo yasezindaweni eziningi zaseKapa okubalwa iGoodwood, iKuils River kanye neBellville ibimbozwe yizikhukhula ngemuva kwezimvula ezinamandla ekuseni ngoLwesihlanu, kusho iziphathimandla zezomgwaqo.

OnguMxhumanisi wedolobha nabezindaba, uMaxine Bezuidenhout, uth lezi zindawo ezithintekayo zihlanganisa nempambanamgwaqo ekuVasco Boulevard, eGoodwood, ehlanganisa u-Amandel Road kanye noMidmar Road.

OLUNYE UDABA: Izikhukhula zase-KZN zidlule nemiphefumulo yabantu

Ithimba lezokucinywa komlilo beliqaphe ukuthi akekho yini umuntu othole ukulimala yize noma lona bekungesiwona umsebenzi wabo.

Okhulumela umnyango wezokutakula edolobheni laseKapa, uTheo Layne, uthi kunenqwaba yezindlu ezithole ukukhahlamezeka ngenxa yamanzi.

Bekungakacaci ukuthi lamakhaya alimale alimale kanjani.

Ngokusho kwezangoma zezulu, imvula, efike ngemuva kwamasonto esimo sezulu esishisayo, esomile futhi esinomoya, kulindeleke ukuthi iqhubeke usuku lonke.

“Sinxusa abashayeli bezimoto ukuba banciphise isivinini abashayela ngaso, bavule amalambu, bese beqinisekisa ibanga eliphephile lokulandela,” kusho uBezuidenhout.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.