Durban - Uzwakala ekhuluma ukuthi akamuhle emoyeni owesifazane osemncane waseMgungundlovu ongenawo umazisi.
UMbali Sithole oneminyaka engu-20 ubudala waqala ukuba nale nkinga mhlazane kufuneka omazisi esikoleni ukuze bezokwazi ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni esikoleni esiku-Nottingham Road ngaseMooiriver, iShea O'Connor Combine.
USithole uthe nanokuba wakwazi ukuzibhala izivivinyo zakhe wagcwalisa ifomu (okukholakala ukuthi wenza incwadi efungelwe) alinikwa esikoleni.
USithole ozwakala ekhuluma ukuthi usozini, uthe akunyakazeki njengoba engenawo umazisi, akakwazi ukuthola isikhala emanyuvesi futhi akakwazi ngisho nokuthola amatoho.
OLUNYE UDABA:Udube ingane ongayitholi i-ID
Uthe ubefisa ukwenza izifundo zobuhlengikazi.
"Sengigqigqe izikhawu eziningana eMnyangweni wezaseKhaya kodwa ngingasizakali. Ngaqala ngonyaka wango-2010 ukubhalisela umazisi, ngaphinda ngo-2014 ngathola ukuthi kunomuntu onegama, isibongo nenombolo kamazisi elifana nelami owawuthola ngo-2010.
"EMnyangweni baze bangitshengisa nesithombe salowo muntu.
"Ngaphindela kabili ngo-2015; ngo-Ephreli nangoJuni kodwa lutho ukusizakala," kusho uSithole etshela abeZindaba24.
USithole uthe ugcine ukuya eMnyangweni ngonyaka ofile (2016) ngo-Ephreli eseya kowase-Estcourt, nakhona wangasizakala.
Uthi njalo uma eyobheka ukuthi usuphumile yini umazisi wakhe, ufike atshelwe ukuthi ePitoli abakawenzi.
"Umndeni wami ukhathazekile ngalesi simo engibhekene naso kanti nami ngibuhlungu. Kungiphatha kabi ukubona ontanga yami beqhubeka nempilo kodwa eyami imile ngenxa nje kamazisi," kusho uSithole.
UMnyango wezaseKhaya ukhulume nabeZindaba24 wathi: "UMnyago uzolubhekisisa udaba ngombono wokuxazulula udaba lokuthi kube khona abantu ababili abasebenzisa umazisi owodwa.
"Udaba luzodluliselwa kumphathi woMnyango esifundazweni okunguye ozothumela imenenja yehhovisi ukuba ihlale phezu kodaba."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter