Imindeni yeziguli ezingu-94 ezashona imangalela uMnyango

2017-02-09 14:00

Johannesburg – Imindeni yeziguli ezingu-94 ezigula ngokomqondo ezashona kwisigemegeme saseLife Esidimeni ihlela ukumangalela uMnyango wezeMpilo.

Inyunyana yabasebenzi, iSolidarity, iyona ezolekelela imindeni yezisulu ngokumangalela uMnyango.

“Ngenxa yobudedengu obukhulu boMnyango, izisulu zezwa ubuhlungu obukhulu,” kusho iHelping Hand, uphiko lweSolidarity, okuyilona oluzolekelela imindeni.

OLUNYE UDABA: Kumiswe inhloko yoMnyango wezeMpilo ngokufa kweziguli

Okhulumela uMnyango, uJoe Maila, utshele iCity Press ukuthi bona akukho okuningi abangakusho ngalesi simangalo.

“Besilokhu sinezingxoxo eziqhubekayo nemindeni ukuqinisekisa ukuthi bathola ukusondelana futhi kuwuhlelo, kodwa sizibophezele ukuhlonipha lezi zincomo,” kusho uMaila.

UDkt Dirk Hermann, onguSihlalo webhodi leHelping Hand, uthi lokhu kushona kweziguli okungaka kuwubufakazi bokuhluleka kukahulumeni ukwenza umsebenzi wakhe.

Uthi uMnyango uhlulekile ukulalela izikhalo kanye nezexwayiso nokuwubufakazi obusobala bokuzithwala kukahulumeni.  

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.