Imindeni yezisulu zikaJub Jub ithi unamanga lo mrepha

2017-03-18 10:30

Johannesburg - Ingxoxo yokuqala kamrepha onguMolemo ‘Jub Jub’ Maaronhanye esakazwe kumabonakude ngoLwesine ishiye ‘imindeni yezisulu’ ezashona ngo-2010 ithuthumela.

Nakuba sekuphele cishe izinyanga ezintathu adedelwa ngoshwele, uJub Jub ukhulume okukuqala ngengozi yemoto eyabulala izingane zesikole ezine, yashiya ezimbili zilimele emqondweni.

Nakuba uJub Jub exolisile esizweni waphinde wasibonga isizwe ngokuba ngesikuxolelayo, imindeni isishiye engalazi ngaye, imchaza njengomuntu onamanga.

Ngesikhathi sengxoxo eyasakazwa ohlelweni lwe-SABC iMorning Live‚ lo mrepha wathi waxolisa emindenini yezisulu ngesikhathi behlangene ngasese.

OLUNYE UDABA: Ithi kayikathathi indodana kaPapa Penny 'ehlanyisa abaningi'

Kodwa eminye yemindeni yezisulu kubikwa ukuthi isola uJub Jub ngokuqamba amanga, ithi lo mrepha kuze kube manje akakaxolisi ngengozi.

“Akaze eze kithina. Angifuni nakumbona. Angidayisi ngendodana yami,” kusho u-Ian Mthombeni‚ ongubaba ka-Andile Mthombeni‚ etshela iDaily Sun.

Kuthiwa ikhona neminye imindeni esho okufanayo nalokhu okushiwo u-Mthombeni.

UJub Jub nomngani wakhe uThemba Tshabalala bagwetshwa iminyaka engu-8  bebhadla ejele ngecala lokubulala ngokungenhloso, kulandela ingozi eyabulala izingane zesikole.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.