Iminyaka engu-30 ejele kowesifazane owabulala omunye

2017-10-25 16:00

Pietermaritzburg - Inkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igwebe uJwayelile Khuboni, 39, iminyaka engu-25 esejele ngecala lokubulala neminyaka emihlanu ngokuthumba.

Umsolwa uzochitha iminyaka engu-30 ebhadle ejele, kusho isitatimende samaphoyisa.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor-General Bheki Langa usamukele isisgwebo.

OLUNYE UDABA:Owesifazane ulahlwe yicala lokuthumba nokubulala omunye

"Lesi sigwebo simufanele umsolwa njengoba etshengise ukungazisoli ngesikhathi ebulala omunye umuntu wesifazane," usho njalo.

Lo wesifazane waboshwa ngomhlaka-10 Septhemba 2017, wavela eNkantolo yeMantshi yaseXobho ngaphambi kokuba udaba ludluliselwe enkantolo enkulu.

Lokhu kuza ngemuva kwezinsolo zokubulala uNomthandazo Dlamini, 22, isidumbu sakhe esatholakala singenalo ikhanda nezingalo.

Kuthiwa isisulu sagcina ukubonwa ngamalungu omndeni waso sihamba endaweni yaseDonnybrook noKhuboni ngomhlaka-7 Septhemba.

"Asiphindanga sabuya ekhaya. Ngosuku olulandelayo umndeni waqala wakhathazeka wabe ususibheka kodwa wangasithola."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.