Iminzile indoda ebitanasa ibonisa amakhono okubhukuda

2017-02-11 13:31

Bulawayo -  Owesilisa oneminyaka engu-58 ubudala ugwilizile ngesikhathi ebonisa abantu amakhono akhe okubhukuda  ayethi wawafunda ewela imifula yaseBotswana.

UBhekelani Sibanda ohlala eNyathi Cooperative, ugwilize emfuleni iNgwigwizi khona kule ndawo ngoLwesithathu emini esendleleni eya ekhaya.

Ngokusho kwekhandela uMeluleki Sibanda, lo mlisa ubedle amponjwana ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Umlisa obebalekela amaphoyisa ugwilizile

“Ubesuka eMahambain Business Centre ehamba neqoqo labantu bebuya kophuza. Badlule kulo mfula amanzi emaningi edlula phezu kwebhuloho.”

Leli khansela liqhubeke lathi abantu bebemile bengazi ukuthi bazowela kanjani kuleli bhuloho njengoba umfula ugcwele mfi.

“Abantu bemi nhlangothi zombili befuna ukuwela leli bhuloho. Kwakukhona amatekisi ayisithupha kanye nezimoto ezincane zilinde ukuba izikhukhula zehle.”

Kuthiwa uSibanda watshela abantu ayemi nabo kule ndawo ukuthi uzowuwela yena lo mfula ngoba wayekede ewela imifula emibi kabi esahlala kwelaseBotswana.

Laba abebehamba naye bazamile ukumnqanda kodwa waphikelela nokwenza lokhu ayekufuna, kubika iBulawayo24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.