Imiphumela yenkulumo-mpikiswano: Akayindawo uMengameli

2016-11-10 18:17

Durban - Iqale kabi eyenkulumo mpikiswano yokukhishwa esikhundleni kukaMengameli njengoba amaqembu aphikisayo afuna kuvotwe ngokwemfihlo.

Lamaqembu athi lokhu kuzokhulula wonke umuntu ukuba angabi nokwesaba ukuthi uzokhishwa inyumbazane uma evote ngokungahambisani neqembu lakhe.

Iphini likasSomlomo wePhalamende nokunguyena ophethe lolu hlelo uthe uMthethosisekelo awukugunyazi lokho ngakhoke akungagxilwa entweni engavumelekile.

Kusenjalo, njengokujwayelekile kubekhona inkombankombane kungqubuzana kwamalungu ezombusazwe ephalamende.

OLUNYE UDABA:Video: Buka amalunga e-EFF exoshwa ePhalamende

Kulokhu iqembu eliphikisayo iDA icasuke kabi ngesikhathi uNgqongqoshe wezaManzi kanye neNhlanzeko yeNdle uNomvula Mokonyane ethi "kunendoda ensundu emele ukuvikela abamhlophe abayingcosana."

Lawa mazwi awehlanga kahle kuleli qembu njengoba leli qembu lithi uMokonyane ucwasa amalungu alo ngokwebala.

UFloyd Shivhambu we-EFF uqale inkulumo yakhe ngamagama aziswana ethi akululo okukhuluma ngemuva komuntu amchaze njengomajabula makuphakwa, esho ilungu le-ANC uMokonyane obekunguyena omshiyele inkundla.

UShivhambu ushaye phansi ngonyawo wathi ngeke axolise ngenkulumo yakhe ethi uMengameli uJacob Zuma uzowabulala amaqembu enhlangano ye-ANC.

 Ikubeke kwacaca ukuthi lokhu akushoyo kufakazelwa wumbiko walowo owayenguMvikeli woMphakathi.

IMIPHUMELA YALOLU HLELO.

Imiphumela yale nkulumo mpikiswano ivune uKhongolose ngokugcina umengameli esikhundleni sakhe.

Angu126 amavoti amaqembu aphikisayo, kanti awe-ANC angaphezu kuka-200 ngakhoke uMengameli uJacob Zuma uzoqhubeka nomsebenzi wakhe

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.