IMorning Live yakwaSABC iyalelwe ukuba ixolise ephephandabeni

2017-03-29 09:32

Cape Town – Uhlelo lwasekuseni olugxile ezindabeni kanye nezingxoxo oludlala kuSABC 2, iMorning Live, seluyalelwe ukuthi luxolise ephephandabeni iDaily Sun ngemuva kokusakaza ingxoxo encike ohlangothini olulodwa nalapho iSABC ingazange izihluphe ngokubandakanya leli phephandaba elathola okukhulu ukugxekwa ohlelweni.

Leli phephandaba elingaphansi kwesitebele seNaspers labe selifaka isimangalo kwiBroadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA) limangalela iSABC ngemuva kokuthi umethuli wohlelo, uLeanne Manas, enza ingxoxo “ngezindaba ezingombombayi” nalapho kwagxekwa khona leli phephandaba.

OLUNYE UDABA: Izinguquko zoKhozi FM: uZama Ngcobo noS'gqemeza bazohlukaniswa

ULeanne Manas waxoxisana nomsakazi weMetro FM, okuyisiteshi seSABC, uWilson B. Nkosi ngoNovemba kunyaka ka-2016. Iphephandanda iDaily Sun lalikade lishicicele udaba olukhuluma ngaye uNkosi.

Kule ngxoxo, uWilson B. Nkosi wathi udaba olwashicilelwa yiDaily Sun “kwakuwudaba olwakhiwe, kusuka phezulu kuya phansi”, wathi “iDaily Sun kumele ivezwe obala” kanye nokuthi “amaphephandaba amaningi ayaphunyuka kulokhu ngoba ayazi ukuthi iningi labantu abazikhoni izindleko zabameli”.

I-BCCSA iyalele uSABC ukuthi uxolise ohlelweni iMorning Live.

“IMorning Live ithanda ukuxolisa kuDaily Sun. Lokhu kulandela ukuthi leli phephandaba laphathwa ngendlela engenabo ubulungiswa kulolu hlelo ngomhlaka-22 kuNovemba 2016 mayelana nodaba iDaily Sun eyalibhala ngoWilson B Nkosi.”

“I-SABC iyavuma ukuthi iDaily Sun ayinikwanga ilungelo lokuphendula. Ngokuncikene nokuphawula ohlelweni, iSABC iyaxolisa kuDaily Sun. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.