Impikiswano ngokuphasiswa komthetho ovimbela ukuba kushaywe izingane

2017-10-24 07:01

Johannesburg - Umthetho omusha okwenza kube yicala elibomvu eNingizimu Afrika ukushaywa kwezingane emakhaya, usuvuse inkulumompikiswano kuleli - okubalwa nezinhlangano zezenkolo - ezingahambisani nalo mthetho.

INkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng ngoLwesine ikhiphe isinqumo sokuthi ukukhalima ingane ngokuyishaya kuphambene noMthethosisekelo wezwe.

Lo mthetho uvale intuba ebisetshenziswa ngabazali ekuqaleni uma beshaya izingane bethi bazifaka endleleni.

Abaningi basijabulele lesi sinqumo senkantolo bathi sivula ikhasi elisha ngamalungelo ezingane eNingizimu Afrika, okungelinye lamazwe ahamba phambili emhlabeni ngezibalo zokuhlukunyezwa kwezingane.

OLUNYE UDABA: Kulungile ukuqondisa ingane ngenduku -UPhapha

IChildren's Institute Out of Harm's Way yakhipha umbiko ngo-2016, owawuhlawumbisela ukuthi zibalelwa ku-34% izingane kuleli eziyizisulu zokunukubezwa ngokocansi kanye nokushaywa ngaphambi kokuhlanganisa iminyaka engu-18 yobudala.

UWessel van den Berg, omele amalungelo ezingane kanye nokukhuliswa kwabantwana ngendlela ngaphansi kwenhlangano iSonke Gender Justice, utshele i-eNCA ukuthi lesi sinqumo senkantolo sifike ngesikhathi esifanele.

"ISonke Gender Justice iyasamukela lesi sinqumo njengesibalulekile mayelana namalungelo ezingane kanye nokuvikela izigameko zodlame kuleli," kusho uVan den Berg.

Thola udaba oluphelele kwiHuffingtonPost.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.