Impoxo uthisha eboshwa phambi kwabafundi eNkandla

2017-11-10 18:01

Durban - Uswele umgodi wokucasha ngoLwesihlanu olwedlule uthisha waseBizimali High School eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, kugasela abakwasidlodlo esemsebenzini bamshaqa ngezinsolo zokudlwengula umfundi, 15, wakulesi sikole.

ILANGA lithole ukuthi lo thisha wesilisa - esingeke simdalule igama lakhe - oneminyaka engu-29 ubudala, uboshwe ngamaphoyisa ematasatasa efundisa.

Kuthiwa lo mfundi ubehlala emqashweni nozakwabo. Ufonelwe nguthisha esemqashweni wakhe wamcela ukuba aphumele ngaphandle ufuna ukuxoxa naye. Kuthiwa uthisha ube esemyalela ukuba angene emotweni yakhe ngoba kunodaba afuna ukumbuza ngalo.

Esengaphakathi emotweni, uthisha uyishaye yazula, wacela lo mfundi ukuba amphelezele baye emqashweni wakhe, kunodaba afuna ukuba baluxoxele endlini yakhe. Nebala umfundi akazange axwaye, wenze njengoba eyalelwe nguthisha.

Kuthe uma befika endlini kathisha, wayijika inkulumo waqala wameshela emtshela ukuthi umthanda kangakanani, emthembisa izulu nomhlaba.

OLUNYE UDABA: Ugcine exoshiwe uthisha waseNquthu wodumo lwama-video ocansi

Kuthiwa umfundi ukhombise ukungahambisani nento ebishiwo nguthisha wacela ukugoduka. ILANGA lithole ukuthi uthisha ube esembhudukeza umfundi, wamdlwengula ephindelela waze wamdedela esedelile ukugila lo mkhuba.

Umfundi ubikele umzali wakhe ngokumehlele kwabe sekuyovulwa icala lokudlwengula. Leli phephandaba lithole ukuthi abazali balesi sikole esidume ngemuphumela emihle ka-matric baveze ukuthi kabasamdingi lo thisha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe umsolwa onguthisha uboshwe ngamaphoyisa esemsebenzini ngecala lokudlwengula umfundi wakulesi sikole asebenza kusona.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uMuzi Mahlambi uthe bazokwenza uphenyo lwabo lwangaphakathi ngalolu daba bese bethatha izinyathelo eziqinile ngalo thisha. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.