Impumelelo yoMzansi ingaqala kuphela uma sekususwe uZuma: OUTA

2017-06-28 13:59

Cape Town – Inhlangano elwisana nokuxhashazwa kwemali yabakhokhi bentela, i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA), yethule uhlelo lwayo lokulwa nokuhlalwa ngobhongwane koMbuso (state capture).

Le nhlangano idalule lokhu esithangamini sabezindaba nalapho ishiye khona engalazi ngoMengameli Jacob Zuma, indodana yakhe, uDuduzane, umndeni wakwaGupta kanye nabanye ongqongqoshe abasolwa ngokuthinteka ezinsolweni zokulawulwa koMbuso.

I-OUTA isole uMengameli Jacob Zuma noma labo abasondelene naye ngokuthi banesandla ekulawulweni koMbuso kanye nokuxhashazwa kwezinkampani zikahulumeni.

Le nhlangano ithi uDuduzane uyena owenza izinto egameni likababa wakhe.

Ngaphezu kwalokho iphinde yafanisa umndeni wakwaGupta nenkampani efunela abantu umsebenzi nokuyiyona eqasha iphinde ixoshe ongqongqoshe.

Yenze isibonelo ngokuthi uNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi, uMosebenzi Zwane, wagixabezwa ngesikhundla ngemuva kokuthi abakwaGupta bethumele i-CV yakhe kuDuduzane.

OLUNYE UDABA: #GuptaLeaks: Okwathunyelwa i-CV yakhe kwabakwaGupta wagixabezwa ngesikhundla kwa-Eskom

Iphinde yenza isibonelo nangokuthi lowo owayenguSekela Ngqongqoshe wezeziMali, uMcebisi Jonas, wathenjiswa itshe lemali abakwaGupta, bemthembisa isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezeziMali nokuyinto athi (uJonas) wayinqaba.

Ngemuva kwalokho kwabe sekuxoshwa owabe enguNgqongqoshe wezeziMali, uNhlanhla Nene, kwase kwabekwa uDes Van Rooyen esikhundleni sakhe.

Umbiko we-OUTA, osihloko sithi No Room to Hide (alikho igumbi lokucasha) uveza ukuthi ilinganiselwa ku-R60bn imali elahleka enkohlakalweni ngonyaka, yathi ukube abezindaba abekho kuleli ngabe izwe likwenkulu inkinga.

Ithi izodlulisa lo mbiko wayo ePhalamende kanye nasemaqenjini ezepolitiki ngenhloso yokunxenxa amaLungu ePhalamende ukuthi avotele ‘ukugudluzwa’ kukaMengameli Zuma uma sekuvotwa ngesiphakamiso sokungamethembi.

“INingizimu Afrika iyasha, akusamele sipholise maseko,” kusho uBen Theron.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.