IMultiChoice kumele isicabangisise kahle isinqumo sayo nge-ANN7 - NFP

2018-02-01 09:31

Durban - Iqembu iNational Freedom Party likholelwa ekutheni isinqumo esithathwe yiMultiChoice asizange sicutshungulwe kahle.

Lokhu kulandela ukuthi iMultiChoice iveze ukuthi ngeke isayivuselela inkontileka ye-ANN7 uma isiphelelwa yisikhathi ngo-Agasti 2018.

"Njengezwe sihlezi ku-27.7% wezinga labantu abangasebenzi kanti lesi sinqumo sizokwengeza kulesi sibalo," kusho leli qembu ngesitatimende ngoLwesithathu.

Liqhube ngokuthi kumele kusolwe iDemocratic Alliance ngokulahleka kwemisebenzi kulabo abebeqashwe yi-ANN7 ngoba yiyo ebhoboze leli thumba.

"IMultiChoice kumele ihambisane noguquko njengoba isinqumo sayo sokudabula inkontileka ye-ANN7 kungezinye zezindlela zokuhlasela abantu abamnyama abazizamelayo.

OLUNYE UDABA: IMultichoice ngeke iyivuselele inkontileka ye-ANN7

"UMnu Mzwanele Manyi akumele athelwe amachaphazelo uma kuliwa nomndeni wakwaGupta ngoba usindise imisebenzi yabantu abaningi ngesikhathi ethenga lesi siteshi sikamabonakude esisakaza izindaba ngakho kumele anconywe ngalokho," kuqhuba isitatimende.

I-NFP ithi kumele kube nohlelo lweRadical Economic Transfomration oluzoqinisekisa ukuthi izisebenzi ze-ANN7 azithelwa ngamachaphazelo kukhona konke lokhu.

IMultiChoice ibize isithangami sabezindaba yaveza ukuthi iyavuma ukuthi "yenza amaphutha" ngemali eyayikhokhela i-ANN7.

I-NFP ithe lesi simemezelo singezinye zezindlela zokubuyisa ingcindezelo, "ngokufuna ukusifunza izindaba abafuna sizikholwe".


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.