INamibia 'isikhiphe yonke imikhiqizo eyamaniswa ne-listeriosis emashalofini' – Umbiko

2018-03-15 12:30

Windhoek – UMnyango wezeMpilo eNamibia kubikwa ukuthi usuyalele abahloli bezempilo ukuba bakhiphe yonke imikhiqizo eyamaniswa ne-listeriosis emashalofini asezitolo kuleliya lizwe.

Lokhu kuza ngemuva kophenyo kuleli sonto oluveza ukuthi leli lizwe eliseningizimu ye-Afrika liqinisekise ukuthi kunomuntu wokuqala ukutholakala ne-listeriosis.

Le ndoda eneminyaka engu-41 ubudala kubikwa ukuthi ibangwa nezibi esibhedlela esiseWindhoek.

Umbiko we-BBC ucaphune uNgqongqoshe wezeMpilo ezweni uBernard Haufiku ethi le ndoda yahlatshwa wukugula ngemuva kokudla i-vienna eyayilithenge ebhusha eseWindhoek.

OLUNYE UDABA: INamibia iqinisekise udaba lowesilisa, 41, one-listeriosis

Esitatimendeni, lowo oyibamba likanobhala wezempilo uPetronella Masabane uyalele ukuba "kukhishwe yonke imikhiqizo yakwaRainbow Chicken neyakwa-Enterprise Food Ltd ezitolo", kusho iphephandaba laseNamibia.

"Abezempilo bayanxuswa ukuba bathathe izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukuthi yonke le mikhiqizo iyakhishwa emashalofini ezitolo ngokuhambisana nemithetho ebekiwe," kucashunwa uMasabane.

INamibia yaba ngelinye lamazwe okuqala amane aseningizimu ye-Afrika athatha isinqumo sokuhoxisa ukwamukela imikhiqizo yokusanyama evela eNingizimu Afrika ngemuva kobhedukane i-listeriosis.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.