Incwadi iveza iqhaza elabanjwa nguJacob Zuma kusungulwa i-ANN7

2018-03-14 12:30

Cape Town – Lowo owayengumhleli we-ANN7 futhi owayeqashwe ngumndeni wakwaGupta usebhoboze ithumba waveza ukuthi uJacob Zuma waba kanjani nesandla ekwakhiweni kwalesi siteshi sikamabonakude esisakaza izindaba.

Kule ncwadi eveza okuningi, umbhali wayo unekela izwe ngendlela umndeni wakwaGupta owathatha ngayo imisebenzi okwakumele inikezwe abantu baseNingizimu Afria, yanikezwa abadabuka eNdiya.

Incwadi yentatheli yaseNdiya, uRajesh Sundaram, esihloko sithi Indentured - Behind the Scenes at Gupta TV, eshicilelwe yiJacana, izoqala ukutholakala ezitolo ngoLwesithathu.

URajesh Sundaram wafika eNingizimu Afrika ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kukade kunomshado wakwaGupta owaqubula umsindo kuleli, owawubanjelwe eSun City ngo-2013.

Wabe eseqokwa njengomhleli we-Infinity Media Networks – okuyigama elisemthethweni le-ANN7.

OLUNYE UDABA: ‘UMengameli Zuma kukhona akufihlayo ngabakwaGupta’

Uthi kepha ngeSonto ekuseni, ngemuva kwamaviki ambalwa, wazithola esebonisana nalowo owayengumengameli uJacob Zuma ngezinto ezihlabahlosile ezithinta lesi siteshi: i-Africa News Network 7.

USundaram uthi ngisho lona leli gama le-ANN7 laqhamuka noZuma. Lesi ngesinye zezambulo ezikushiya ukhexile ezivezwa kule ncwadi.

Lo mbhali ulandisa kabanzi ngezigigaba ezenzeka ngaphambi kokuba kusungulwe lesi siteshi, ngosizo lukaZuma.

Ngesikhathi kunomhlangano ngomhlaka-22 Juni 2013, u-Ajay Gupta watshela uSundaram ukuthi uZuma nguye owaphakamisa igama elithi "Africa News Network".

"Lelo gama lase livele lithathiwe, sase sinquma ukuthi isiteshi sisibize nge-'Africa News Network 7'. Kwakumele senze umengameli azizwe ebalulekile, abone nokuthi iziphakamiso zakhe sizithathela phezulu.

"Uyathanda uma sicela uvo lwakhe nokuthi sisiphathe kanjani lesi siteshi sezindaba. Ufuna ukubona sengathi lesi siteshi ngesakhe ngqo."

UZuma kuthiwa ngokuhamba kwesikhathi watshela izelamani zakwaGupta ukuthi zingayenzi ibe sobala eyokuthi unesandla kulesi siteshi ngendlela ababika ngayo, isiteshi singasale sesibonakala ukuthi ngesakhe ne-ANC.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.