Incwadi ngempilo kaSenzo Meyiwa

2016-11-13 14:10

Durban - Izogeqa amagula ngamanyundululu, impilo yokungcola nokukhohlakala kwabadlali bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo ngaphandle kwenkundla yezemidlalo incwadi ezokwethulwa ngasekuqaleni konyaka ozayo.

Le ncwadi ezokhuluma ngamaqiniso angemnandi ngempilo yabadlali bebhola nempilo abayiphila  ngaphandle kwenkundla yezemidlalo nejwayele ukuholela ekutheni ingabi nemithelela emihle ezimpilweni zabo ibhalwa ngoSoweto Mandlanzi.

Le ncwadi igxile kakhulu empilweni kaSenzo "Nzori" Meyiwa.

OLUNYE UDABA: Namanje abaziwa ababulala uMeyiwa, sekuphele iminyaka emibili

Ngokusho kukaMandlanzi, yize noma le ncwadi izobe ikhuluma kakhulu ngempilo yalo mdlali odlule emhlabeni eminyakeni emibili edlule, inhloso enkulu ngokuyibhala wukuthi ufisa ifundise abadlali bebhola likanobhutshuzwayo ngezinto eziningi ezifike zibe yisihibe ekukhuleni nasekuphumeleleni kwabo kulo mkhakha.

Phezu kwalokho uthi izophinde idalule namahlazo ngempilo abadlali abayiphilayo uma bengasekho ezinkundleni zemidlalo. Amanye alamahlazo aze abaholele ekutheni balahlekelwe nayizimpilo zabo imbala.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMeyiwa udlule emhlabeni ngemuva kokudutshulwa washonela emzini wakubo kwentombi nonina wengane yakhe uKelly Khumalo. Kuze kube yimanje kakukaboshwa muntu ngokubulawa kwalo mdlali obengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates.

Lo mbhali ekhuluma neLanga Langesonto uvumile ukuthi bekungelula ukuyibhala le ncwadi njengoba ekuqaleni esanda kuqala ukuyibhala wayeba nokusola ukuthi ubeka impilo yakhe engcupheni.

Incwadi engempilo kaSenzo Meyiwa isisemaphethelweni nayo kanti izokwethulwa ngoFebhuwari ngonyaka ozayo."

UMandlanzi uthui ukubhala incwadi kaMeyiwa ukwenze ngoba ubazi ukuthi kuzomkhulisa kakhulu naye njengombhali.

 

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.