#IncwadiKaBaba: Kubalulekile ukuba wungqo empilweni

2017-06-14 18:00

Durban - Wonke umuntu uzalwa efumbethe ithalente kanye nekhono lakhe, ngakho-ke kubalulekile ukuzazi ukuthi wena ungubani, ungazami ukuzenza abanye abantu.

Kubalulekile ukuba wungqo kukhona konke okwenzayo empilweni yakho.

Akekho umuntu ozalwa ngephutha, wonke umuntu unenhloso okumele ayifeze la emhlabeni hhayi ukuthi ufane nomuntu othize ngoba lokho kuyokwenza ube ilulwane ugcine ungazazi ukuthi ungubani futhi ufunani empilweni.

Uzokhula ufinyelele eminyakeni yokuba ibhobhodleyana lapho uphakathi kokuba ingane nokuba umuntu omdala leso sigaba sibalulekile kakhulu empilweni yomuntu. Ilapho impilo yomuntu iqhakamba khona noma ifadalala khona.

Mina ngizowenza ngokwethembeka umsebenzi wami wokukukhulisa ngendlela efanelekile. Ngizokondla, ngikufundise, ngikuyale ngisho usuphambuka endleleni yokulunga, kodwa ngeke ngikuphilele impilo yakho.

Kukuwe ukuzikhethela ukuthi ufuna ukuba nempilo enjani futhi konke lokhu ukufunda ngokuyiphila impilo. Asikho isikole lapho umuntu efundiswa khona ukuphila. Akufani nasesikoleni lapho uma ufeyilile unethuba lokwenza izilunguso.

OLUNYE UDABA:#IncwadiKaBaba: Nginguyihlo ngiyakuyala ndodana yami

Usuke unenhlanhla uma usheshe wafunda ngamaphutha akho wase ucela usizo ukuze ukwazi ukuwalungisa.

Iminyaka yokuba ibhobhodleyana ifika nezinselelo eziningi okubalwa kuzo abangani; besilisa nabesifazane. Ukuthanda osaziwayo nokuba nemizwa yothando nabesifazane. Okuhle ngabangani ukuthi uyakwazi ukuzikhethela bona ukuze babe sempilweni yakho.

Angikaze ngilibone ithuna lomuntu okuthiwa wafa ngenxa yokuthi akanabo abangani. Engikushoyo ukuthi abangani kumele kube ngabantu abanomqondo onenqubekelaphambili nabaliqondayo iphupho lakho hhayi abantu abazokuholela eweni.

Baningi abantu abasemajele ngenxa yabangani, baningi asebedlulile emhlabeni ngenxa yabangani baningi futhi abaphumelele ngenxa yabangani. Yenza isinqumo esiphusile ngempilo yakho ubenakho engqondweni ukuthi ubaba nomama bayakuthanda.

Ngiyaye ngifise nami sengathi wayekhona umuntu owayengikhuthaza empilweni yami ukuba ngingabi nokwesaba ukuhamba indlela yami ngedwa. Ngibe nesibindi sokuyimela into yami futhi ngenze lokhu okuzongiphumelelisa.

Yingakho kubalulekile kimina ukukukhuthaza ukuba ube ngungqo futhi ungazenyezi ngalokho.      

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24

                

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.