#IncwadiKaBaba: Nginguyihlo ngiyakuyala ndodana yami

2017-06-12 18:00

Durban - Izolo ebusuku umama wakho ungitshele ukuthi usuyaqala ukukhahlela kuzwakale esiswini sakhe manje. Ngibe nenjabulo eyisimanga ngaze ngafisa ukuthi ngifike kuye ngizizwele mina mathupha.

Ngikuzwe nje ukhahlela ndodana yami. Manzini, Geda ka Gwabini, nyama kayishi isha ngabaphephezeli wena owakhishwa ngenoni emgodini, mazikizela ngenkomo inkomo yasemahenyeni. Ncwane! Hamashe.

Kuye kwathi angigiye ngivuse wonke umuntu ngimemeze ngithi indodana yami iyakhula sekusondele nokuba ifike kulo mhlaba, indodana yami isiyakhahlela!

Kodwa kube nezwi elincane nje elifikayo elithi "usamelwe wumsebenzi wokumfundisa ukuthi lezi zandla, izinyawo nekhanda okokwenzani, akusikho okokushaya abantu besifazane..."

Ndodana yami, ngikubhalela le ncwadi, sibhekene nezimo ezinzima kuleli lizwe, lapho amadoda asaphenduka izilwane ezihlukumeza nezibulala abantu besifazane ngezandla zawo.

Ngifisa ukuba ukhule ube yindoda eqotho, indoda ethembekile nendoda engumvikeli ekhaya. 

Thina boManzini siyazi ukuthi inxele kaliwuphathi umuzi, ngakho-ke, ngifuna ukhule ukwazi ukucabanga nokwenza okuhle.

Ikhanda elokucabanga ukuthi umuntu wesifazane uzomnakekela kanjani, uzomondla kanjani ikakhulukazi labo abasemqoka kuwe; odadewenu, umama wakho ugogo wakho nabanye abantu besifazane ozohlangana nabo empilweni kodwa yazi ukuhlukanisa phakathi kokuba nesihe nokwenziwa isilima nesidididi. Ikhanda elakho ukuthi ucabange.

Izandla ezokubamba umsebenzi usebenzele ikhaya. Umuntu wesifazane akabanjwa budlabha kodwa ubanjwa ngobunono nangokucophelela. Izandla zakho ezokumvikela umuntu wesimame.

OLUNYE UDABA:Udinwe ukhahlela izidindi ubaba kaBabes Wodumo - Umbiko

Izinto ezincane ezenza umehluko kumuntu wesifazane. Ngizokwazisa kabanzi ngalokho uma usukhulile ukuthi ummbamba ngobunono nangayiphi enye indlela kodwa ngiyethemba ukuthi uzozibonela uma usukhula ngendlela engizobe ngibamba ngayo umama wakho.

Izandla ezokushaya izixhwanguxhwangu ezihlukumeza abantu besifazane akusizo ezokushaya abantu besifazane ndodana. Ikhona into yokubashaya kodwa isandla nezinyawo akusikona okokubashaya. Ungibuze uma usufunda le e-mail ngizokuchazela ukuthi bashaywa ngani kanjani futhi kusuke kwenzenjani uma beshaywa.

Izinyawo nazo akusizo ezokukhahlela abantu besifazane. Ikhona imidlalo eminingi engizokufundisa yona esebenzisa izinyawo hhayi ukukhahlela abantu besifazane.

UMUNTU WESIFAZANE AKAKHAHLELWA, AKASHAYWA NANGESANDLA.

Ungazisebenzisa izinyawo zakho ukukhahlela umuntu ohlukumeza abanye abantu besifazane kodwa-ke uqaphele amaphoyisa azokubopha ngelokuhlukumeza... ngizokuxoxela kabanzi ngalokho uma usukhulile. Kodwa nje okubalulekile ukuthi UMUNTU WESIFAZANE AKAKHAHLELWA AKASHAYWA NANGESANDLA.

Izinyawo zakho ezokuma weseke owasefazane uma ekudinga ezokuhamba uyofuna umsebenzi noma uyokwenza umsebenzi enkampanini yakho. Cha, ekukhahleleni abantu besifazane. Izinyawo ngezokuhamba nokusekela umzimba wakho. 

*Kuleli sonto sibungaza iqhaza likababa empilweni yengane. Njengoba sazi ukuthi ngeSonto kuzobe kugujwa uSuku loBaba, sikhuthaza abafundi ukuba basibhalele okuhle okwenziwa wobaba emndenini.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.




Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.