Indida isibhedlela sitshela umndeni ukuthi isiguli sibalahlekele

2016-05-24 16:01

Pretoria – Umndeni kaDavid Robert ubuhamba uhlola imibhede esibhedlela iSteve Biko Hospital ngoMfumfu odlule becabanga ukuthi udluliselwe kwelinye iwadi.

Kube yindida kakhulu ukunyamalala kwakhe labo abahlengikazi becinga kuwo wonke amabhuku abo bemfuna bengazi ukuthi ukuphi kusho indodakazi yakhe uDawn Potgieter etshela abePretoria News.

“Ngemuva kokuhamba kwesikhathi basibizela eceleni basitshela ukuthi ubalahlekele nabo,”kusho indodakazi.

OLUNYE UDABA:Uzoqhubeka nokuhlolwa ingqondo 'odlwengule' isiguli

Uthi isibhedlela sathi ubaba wakhe oneminyaka engu-73 ubudala waphuka ithambo likankimfi ngenxa yokuthi unomdlavuza. Uma bebuza ukuthi lokhu kuchaza ukuthini ngoba ngeke akwazi ukuzihambela esibhedlela enalokhu kugula.

Uthi batshelwa ukuthi ushonile. Okuthusa kakhulu ngakho konke lokhu wukuthi ubenamahora angu-17 eseshonile uma betshelwa.

“Ngokwamabhuku asesibhedlela kwashayela umama kebusuku kodwa bangamthola ocingweni. Isibhedlela samthatha samfaka emakhazeni sangabe sisabuyela emndenini,” kusho uDawn.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.