Indida iSundowns imema amanye amaqembu afuna uDolly

2017-01-20 10:01

Cape Town – Sekuqubuke indida kulandele isitatimende esikhishwe iMamelodi Sundowns nalapho imema khona amanye amaqembu afuna isikhwishikhwishi somdlali wayo, uKeagan Dolly, ukuba enze isiphakamiso ‘sangempela’.

“IMamelodi Sundowns izoxoxisana futhi ibambisane nanoma yiliphi iqembu elenza isiphakamiso sangempela ngoKeagan Dolly ukuze ahambe ayodlala phesheya,” kubeka isitatimende.

OLUNYE UDABA: UDolly usevalelisile kuSundowns – umbiko

“Lona wumyalelo uMengameli uPatrice Motsepe, asinike wona futhi sizibophezele ukuwuqalisa. Asinalutho okwamanje ukwengeza esitatimendeni sabezindaba esisenze ngoMgqibelo.”

ISport24 ibike ukuthi “sekusele kancane” kuphothulwe uhlelo lokuhamba kukaDolly eya eqenjini laseFrance, iMontpellier, ngokwesinye sezikhulu esiyingxenye yalezi zingxoxo.

Ngosuku olufanayo (ngoLwesine), kuphinde kwadalulwa nokuthi uDolly usevalelisile nokuvalelisa kozakwabo kanye nabasebenzi beSundowns ngaphambi kokuba alibangise eFrance.

Lesi sitatimende saleli qembu lasePitoli sakamuva sinika umqondo wokuthi le kilabhu ifuna ukuqinisekisa ukuthi iyahlafuna ngetshe lemali elizokhokhwa ngalo mdlali phezu kokuthi iMontpellier isivele isibeke etafuleni isizumbulu semali engu- €1.7m (R25m).

Kuzokhumbuleka ukuthi bekunempi engasukumi phansi phakathi kweSundowns kanye nabamele uDolly njengoba kusolwa amaBrazilians ngokushintsha imali engumbandela wokuthengwa kukaDolly kwinkontileka yakhe isuka ku-€750 000, iya ku-€1.5m.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.