Umama wengane akazi ukuthi yimuphi ubhuti ongubaba wengane

2016-07-15 17:31

Durban - Owesimame oneminyaka engu-25 udinga usizo ngokuthi ubani ubaba wendodana yakhe, kubika iDaily Sun.

Lo wesimame odabuka eThekwini uthe wayedakiwe ngesikhathi elala nobhuti omdala wesoka lakhe, kodwa bobabili abalisa abafuni ukuvuma ingane.

Umama walaba balisa uthe umndeni wentombazane wafika uzobika isisu kodwa izingxoxo azizange zihambe kahle.

"Akanaso isiqiniseko sokuthi ubani owamkhulelisa. Amadodana ami ayaphikisana ngokuthi ubani ubaba ngakhoke imina enginakekela le ngane,"kusho ugogo wengane.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa usemkhomba njengelanga lishona ubaba wengane uDineo

Uqhubeke wathi umama wengane ukuqinisekisile ukuthi walala nazo zombili izelamani.

"Ngangithandana nalo omncane kodwa ngaloluya suku wangishiya nomfowabo kanye nabangani bakhe.

"Sasiphuzile sase senza ucansi, isoka lami lasibamba oqotsheni manje angazi kahle ukuthi ubani ubaba wengane,"kusho intombi.

Izelamani zombili zithi zifuna kuyohlolwa ukuze kubonakale ukuthi ubani ngempela ubaba wengane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.