Indida kubulawa uthishanhloko eMlazi

2016-08-18 10:00

Durban – Uthishanhloko udutshelwe esanda kuphuma esikoleni iMpumelelweni Combined Primary, eNgonyameni, eMlazi, kwenziwa abantu abebemcuthele ngasesikoleni ngoLwesithathu.

UNhlanhla Mhlongo, 52, udutshulwe abalisa abebehamba ngemoto esanda kuphuma ngayo esikoleni, waphelela endaweni yesigameko.

Omunye wothisha bakulesi sikole uthe akekho owaziyo ukuthi ubulawelweni uMhlongo, kubika iSolezwe.

“Sizwe ukuthi imoto yabasolwa imvimbe endleleni, wase eyadutshulwa. Naye uzamile ukuphindisela ngenhlamvu kepha kwazinhlanga zimuka nomoya ngoba ubeselimele,” kusho lo thisha ongathandanga negama lakhe.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe uthisha nomfundi 'ebumnandini'

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sehlakalo.

Uthe imbangela yokuhlaselwa ayaziwa kanti bekungakaboshwa muntu.

OwoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uSicelo Khuzwayo uthe badangele ngokubulawa kwalo thishanhloko. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.