Indida kutholakala ikhondomu neselesele enyameni

2016-07-11 19:03

Durban  Kuxakeke wonke umuntu ngezinto ezitholakale kwimikhiqizo yenyama yenkukhu kusukela kwinkampani iRainbow Chicken Limited (RCL) eseHammarsdale.

Ngesonto eledlule amanye amakhasimende athenga inyama kule ndawo ayibuyisele emuva ngemuva kokuthola imijovo nesitaputapu ebesifakwe ebhodleleni.

Kuthe kusabhekwe lokhu, kwabuya amanye amakhasimende ebuyisa inyama enesikele namakhondomu kanye neselesele.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe oweba inyama efuna ukwenzela abangani i-braai

Yize imibiko ingaqinisekisiwe, kodwa kusolakala ukuthi ziningi izingxushungxushu nokungaboni ngaso linye kule nkampani nokuyinto eyimbangela yalezi zigameko.

Ngokwemibiko yephephandaba i-KZN Eyethu, uStephen Heath okhulumela le nkampani  uthe okwamanje basazama ukulungisa isimo ukuze kuqinisekiswe ukuthi into efana nalena ayenzeki futhi.

“Sekuzoqiniswa ezokuphepha sesifake amakhamera amaningi abheke wonke umuntu ngaphakathi lapho ekwenziwa khona umkhiqizo."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.