Indida ngabaqeqeshi ababili abatholwe bebulewe

2017-09-14 19:31

Pretoria – Abaqeqeshi ababili bekhilikithi batholakale bebulewe kwathi abanye bashaywa kanzima eLaudium Cricket Clubhouse, eCenturion, ngoLwesine ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Augustinah Selepe uthe lezi zidumbu zitholwe yisakhamuzi ngabo-07:00 sase sihlaba umkhosi konogada, okuyibona abathinte amaphoyisa.

Kuthiwa lesi sakhamuzi besijwayele ukuzilolonga nala baqeqeshi. Sithole izidumbu zabo endlini yangasese kuyona le ndawo, kusho uSelepe.

Womane la madoda abehlala kulezi zindlu ezingaphakathi enkundleni yezemidlalo.

Lawa amanye amadoda amabili atholwe elimele kabi kwelinye lamagumbi abebehlala kuwo.

OLUNYE UDABA: Kubulawe abantu abane eMlazi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu

Imbangela yalesi sigameko ayikaziwa okwamanje. Laba abanye abaqeqeshi baphuthunyiswe esibhedlela.

Lowo oyisishoshovu sezenhlalakahle uYusuf Abramjee, ohlala kuyona leya ndawo, uthe lesi sigameko sishiye umphakathi ubambe ongezansi.

Uthe sezandile izigameko zokuhlasela ezinkundleni zemidlalo kula masonto ambalwa edlule, nokho akacabangi ukuthi lezi zigameko zihlobene.

Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuba athinte amaphoyisa aseduzane noma ashayele u-0860 10111.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.