Indida ngoshe wangqongqa emsamu

2017-04-10 16:02

Durban -  Lishe langqongqa emsamo "lishisa impepho" ilungu lomndeni wakwaKhuzwayo eNkwambase, eNdwedwe, enyakatho yeKwasZulu-Natal ngoLwesihlanu ekuseni.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko esenzeke ezintathakusa ngoLwesihlanu, sishiye amalungu omndeni wakwaKhuzwayo edidekile, enemibuzo engaphenduleki ukuthi uSkhukhukhu Bright Mhlongo, 30, ubesha nje ubezokwenzani emsamu ngoba akanalo ilungelo lokushisa impepho.

ILANGA lithole ukuthi isidumbu sikaMhlongo sitholwe emsamu siguqile eduzane kokhamba olunotshwala besizulu sesishe sangqongqa ngemuva kokuthungeleka ngomlilo endlini kalawondi.

Kubikwa ukuthi lo mndeni ubuhlele umcimbi ngoLwesihlanu sekugingqwe izimbuzi ezimbili ebekulindelwe ukuba zidliwe ngalo uLwesihlanu ngangoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Ibiyoshunqiselwa impepho ingane obekuthiwa ithunjiwe

Ngemuva kokwenzeka kwalesi sigameko, kugcine kuphoqeleke ukuba umcimbi umiswe yize besezihlatshiwe izimbuzi kwagaywa notshwala.

ILanga lihambele umndeni wakwaMhlongo, KwaBhanoyi, e-Oakford, khona eNdwedwe izolo lapho kuzalwa khona umufi, lafica isimo simuncu.

Leli phephandaba lifikisane namakholwa abezokhalisa umndeni wakwaMhlongo kubonakala ukuthi umphakathi usathukile.

Udadewabo kamufi uThandeni Mhlongo uthi namanje umndeni usaxakekile futhi usenemibuzo engaphenduleki ngokushona komfowabo ngale ndlela ekubeni bekujatshulwe kuzoba nomcimbi.

"Umfowethu uhambe lapha ekhaya ngoLwesithathu ntambama eyongena emsebenzini engumuntu ozophuma ngakusasa ngoLwesine ayekomalume (kwaKhuzwayo) lapho bekunomcimbi khona.

"Uphume emsbenzini ekuseni wanikela khona eNkwambase, eyosiza njengoba umcimbi ubuzoqala ngoLwesihlanu.

"Ngokuthola kwethu, ufike komalume wahlala usuku lonke bematasa belungiselela umcimbi kwaze kwahlwa. Sitshelwe ukuthi ngesikhathi sebehlakazeka sekuyolalwa ezintatha zangoLwesihlanu, umfowethu ungene kulawondi lapho kushiselwa khona impepho singazi ukuthi ubeyokwenzani ngoba akanalo igunya lokushisa impepho.

"Asazi ukuthi kwenzakeni ngesikhathi ephakathi, kuthiwa kubonakale ngelangabi seliqhuma phezuluyena engaphakathi. Sibe sesishayelwa ucingo lapja ekhayakuthiwa masiphuthume kukhona umonakalo osuvelile.

"Sifike khona ulawondi ungakacimi njengoba umlilo ubusavutha nokuthe uma ucishwa satholakala isidumbu sikamfowethu siguqe ngamadolo phambi kwaso kukhona ukhamba obelunotshwala besizulu.

"Amateki abewagqokile abengaphandle kwendlu okukhomba ukuthi ungene ehamba ngezinyawo," kusho uMhlongo.

Uthi ngokuzwa kwabo umufi ubephuzile kanti abanalo ulwazi lokuthi umlilo uqalwe yini. Uthi okubadida kakhulu, ukuthi kuyabonakala ukuthi umfowabo ubengalele kodwa ushe ebhekile eguqile.

"Okusidida kakhulu wukuthi umfowethu ubengalele ngesikhathi esha kodwa ubeguqe ngamadolo. Kuyasixala ukuthi uma ubebhekile uhlulwe yini ukuphuma abaleke uma ebona ukuthi kuyasha emsamo.

"Isidumbu sitholwe eguqile ebambelele odongeni nokusixakayo ukuthi lokhu kwenzeke kanjani," echaza.

Imizamo yokuthola uDumisani Khuzwayo, uninalume kamufi nobenze umcimbi kayiphumelelanga, ucingo lwakhe beluvaliwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uqinisekise isigameko wathi kuvulwe idokodo ngokufa komuntu, amaphoyisa ayaphenya.

UDkt Velaphi 'Bhedlindaba'  VVO Mkhize oyisazi kwezamasiko uthi uma kuvele into enjengalena kumele umndeni uye emhlahlweni kubhekwe ukuthi ngabe lo mshophi udalwe yini.

"Kumele umndeni uthole ukuthi yini eyimbangela yalokhu ngoba kungenzeka ukuthi lolu laka lwalabo abebenzelwa umcimbi.

"Uma sebetholile ukuthi yini imbangela, kumele babuyele ekhaya bayogeza umuzi emsamo.

"Lokhu bakwenza ngaphandle kokushisa impepho kodwa kuhlatshwe isilwane, bese kuthathwa igazi nomswane kugezwe ngawo," klusho yena.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.