Indida ngoweBucs okhonjwa kwiChippa yena engazi

2016-07-11 14:30

Johannesburg - Akukaci ngomdlali weBhakabhaka okuvela ukuthi usayine kwiChippa United kaSiviwe ‘Chippa’ Mpengesi yena engazi.

UMpengesi umemezele ukuthi usayinise abadlali abathathu be-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch, Menzi Masuku noMaselaeo ‘Shakes’ Seanego, kubika iphephandaba ILANGA.

Leli phephandaba lithole ngomunye wabangani maMasuku ukuthi uthuke kabi ezwa izindaba zokuthi usengumdlali weChippa.

“Njengoba ngikhuluma nawe nje uMenzi useThekwini. Selokhu afika esuka ekhempini yamaGlug Glug.

Funda nalolu daba: Uyabalisa umdlali oxoshwe engezelele

“Usitshele ukuthi njengoba elapha nje,  ucelile kwiPirates njengoba bebedlala kwiCosafa. Uzosuka lapha esephindela ekhempini yemaGlug Glug sebeyolungiselela ama-Olympics azoba ngo-Agasti eBrazil.”

Uthi yena akaze asayine kuleli qembu leChippa, wazi ukuthi usangumdlali wePirates, kusho umngani kaMasuku.

ILANGA ngesikhathi lithinta uMasuku uthe naye usamangalele.

“Ngabe ngiqamba amanga mina angazi lutho ngendaba yeChippa. Mhlawumbe umuntu useyakwazi ukusayina engekho,” kusho uMasuku.

Ngesikhathi kubuzwa imenenja kaMasuku, uMike Makaab, uthe amanga aluhlaza lawo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.