Durban – Ukubhuqabhuqwa yindlala kwabantu basezwenikazi i-Afrika, ikakhulukazi abamnyama, yikhona kanye okuyimbangela yokuthi abaholi bakula mazwe bagweve ukuphuma ezikhundleni uma sekushaye isikhathi sokuthi bashenxe.
Sekuyinto ejwayelekile nje e-Afrika ukuthi abaholi bamazwe ehlukene bangalwa cishe kuze kunqamuke izandla, begoloza ukuphuma ezikhundleni ngoba nje bengafuni ukudedela abanye ukuba baqhubeke nokuphatha. Uma kungenjalo sekungamane kubhubhe izwe.
Yize noma la baholi bonke beyaye bakhulume ulimi olufanayo lokuthi bathanda ‘ukusebenzela umphakathi’ futhi kunabathile abafuna ukubaphazamisa ‘ekusebenzeleni abantu’, kodwa kuvele kucacele ngisho ingane encane ukuthi sebelwela izisu zabo nemindeni, hhayi ‘la bantu’ abahlale bevika ngabo .
Yini le entsha nehlukile esuke isengenziwa umuntu osuke eseqhoqhobale isikhundla iminyaka engaphezu kwengu-10? Ingasakhulunywa eyalaba okuze kuphele ngisho iminyaka engu-20. Abanye uyabona nje nokuthi ukuguga nakho kuzinika amandla, kodwa umuntu alokhu ezihudula ezenza okhuthalele kakhulu abantu.
Amazwe ase-Afrika ahlehlela emuva ngenxa yabaholi abanomhobholo
Abaholi abanomhobholo nabazicabangela bona bodwa bayimbangela enkulu yokuthi amazwe ase-Afrika kanye nabantu abamnyama baqhubeke nokuba yinhlekisa kwezinye izizwe njengoba leli zwekazi kubonakala sengathi alinayo inqubekela phambili, okunalokho lihlehlela emuva.
Iningi lamazwe ase-Afrika kuyaziwa ukuthi acebile ngenxa yezimbiwa ezihlukene okubalwa kuzo, igolide, idayimane, amalahle, u-oyela kanye nomhlaba ovundile ekukhiqizeni cishe lonke uhlobo lwesitshalo. Ngaphezu kwalokho kuyaziwa ukuthi i-Afrika inothile ngalo lonke uhlobo lwesilwane kanye nemfuyo. Kodwa phezu kwakho konke lokhu, kumuntu ocabanga indlala kufika kuqala emqondweni i-Afrika, nomuntu omnyama.
Abaholi bakula mazwe kuthi abantu bevele bebhuqwa yindlala, kungekho nezidingo zomphakathi bese bona bethatha lokhu okuncane okukhona bafune ukuzicebisa bona nemindeni yabo. Ngaphezu kwalokho baphinde babe nomkhuba wokuba ‘namabhizinisi’, ama-trust (okungacaci ukuthi enzani) kanye nama-foundation adidisa umphakathi ngokwenza umcimbi owodwa ngonyaka -kudela owaziyo ukuthi ayithatha kuphi imali.
Kunezinkampani ezikhokhelwa izizimbulu zingakaze zenze lutho
Izinkampani zabo nazo zihlale zizitamuzela nje kumathenda ezizimbulu zemali ngendlela ewumkhoshosho kanti ezinye izinkampani zikhokhelwa izimali ezishisiwe zingakaze zenze lutho noma zingawuqedile umsebenzi.
Iyo kanye-ke lento eyenza abaholi ubathole sebelokhu bebambelela ngezidindi uma sekufanele behle ezikhundleni – ngoba sekumnandi ukucwila emafutheni. Ngaphezu kwalokho uma bephuma ezikhundleni ‘namabhizinisi’ abo angeke esahlafuna ngoba vele kwamisebenzi abeyithola abesuke eyithole ngendlela engacacile, uma kungesiyo inkohlakalo.
Yingakho nje futhi neningi labaholi base-Afrika kuyaye kuthi noma esekucabanga ukwehla esikhundleni abuye acabange lolu xhaxha lwemikhuba engemihle abekade eyigila bese evele eyabona ukuthi uma eke waphuma uzobolela ejele.
Abanye sebebalekela ukubhekana namacala
Ngaphezu kwalokho nawo amaqembu aphikisayo ayaye enze isimo sibe sibi ngoba ayaye asabise umholi ophethe ngokuthi uma engena emandleni azombopha. Kuze kuhlupheke abantu nje ezweni ngenxa nje yomuntu oqhoqhobele isikhundla ngoba evika ijele, hhayi ngoba kusekhona asafuna ukukwenzela abantu.
Yingakho nje kujwayelekile e-Afrika, ikakhulukazi eNingizimu Afrika, ukuthi uma ngabe umholi weqembu ngunguyena umsunguli uphatha kuze kubuye indodana yomuntu, futhi akabangiswa esikhundleni sakhe.
Nezigameko zokubulawa kwamakhansela ubuthaphuthaphu kubangwa leli toho leminyaka emihlanu, nazo ziwubufakazi bokuthi baningi abasuke sebebheke ukudla ngalo msebenzi. Yingakho abanye bengancamela ukuthi buchitheke bugayiwe uma bebona ukuthi khona omi endleleni yabo. Lokhu akuhlukile nokuphatha abantu ngenkani.
Amaqembu asevulelwa ukuxosha ikati eziko
Yingakho futhi sekuyinsakavukela ukuthi osopolitiki bathi uma bexoshwe noma sebekhishwe ezikhundleni emaqenjini bese bevula awabo okukanye umuntu ajoyine elinye bese egxeka leli axoshwe kulona. Yingoba abanye ayikho enye indlela yokuziphilisa abayaziyo ngaphandle kwepolitiki – bazohlalelani pho bengawavuli noma bengawajoyini amabhizinisi amasha (amaqembu epolikiti)?
Ukuba kuthiwa akudliwa kwipolitiki kanye nakuhulumeni ngabe awekho lama qembu angaka, futhi ngabe abekho abaholi abahlala ezikhundleni ngisho umuntu esehamba ekhokhoba ngenxa nje yokuthi usexosha ikati eziko.
Abanye babo njalo kusuke kungesikhona nokuthi bazolala bengadlile uma bephuma ezikhundleni, kodwa basuke bebulawa umhobholo nje ngoba bebona ukuthi umcebo ‘ulahlile’.
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24