Indlela yokuthola imiphumela kamatikuletsheni

2017-01-04 14:31

Durban - Uma ukhathazekile ngokuthi uzoyihlola kanjani imiphumela yakho kamatikuletsheni uma iphuma ngoLwesine, uMnyango wezeMfundo ukwenzele izinto zaba lula kakhulu, kubika iCitizen.

Le miphumela izokhishwa ezikoleni ezahlukahlukene ekuseni ngo-8 ngoLwesine Januwari 5. Isifundazwe saseWestern Cape yisona sodwa esizothola imiphumela yaso ngomhlaka 6.

Nazi izindlela ongahlola ngazo imiphumela yakho noma yengane yakho:

1. Ngokusebenzisa ubuchwepheshe be-Intanethi

Lena ngenye yezindlela ezisheshayo zokuthola imiphumela yakho ngokungena kwi-webhusayithi yomnyango wemfundo yamabanga aphansi.

Uma kungukuthi ubufunda esikoleni esingaphansi kukahulumeni, nakanzani uzoyithola imiphumela yakho

Okumele ukwenze:

  • Inombolo yakho yezivivinyo
  • Ulimi lwasekhaya
  • Imininingwane yakho (igama, isibongo kanye nokunye)
  • 2. Emaphepheni

    Yonke imiphumela izokhishwa emaphepheni ahlukahlukene ngoLwesine.

    Khumbula ukuthi le akuyona imiphumela , lapha baveza kuphela ukuthi uphasile nokuthi ithini isimbuli oyitholile.

    3. Esikoleni

    Le miphumela izokhishwa ezikoleni ezahlukahlukene ekuseni ngo-8 ngoLwesine Januwari 5. Isifundazwe saseWestern Cape yisona sodwa esizothola imiphumela yaso ngomhlaka 6.

    4. Kumakhalekhukhwini

    Ungasebenzisa umakhalekhukhwini wakho noma womzali ukuthola imiphumela yakho. Kulokhu uzokhetha uhlelo lwe-SABC News Break Matric Results, lolu hlelo lukunikeza imiphumela yakho uma isikhishiwe.

    Follow these steps to sign up for the service:

    • Thumela iSMS yenombolo yakho yezivivinyo kanye nenombolo kamazisi wakho ku-35658
  • Uzokhokha imali engango-R3 kanye vo yokubhalisa
  • Uzothola i-SMS yemiphumela yakho uma umnyango ukhipha imiphumela
  • NEXT ON NEWS24X

    AB praises selfless skipper

    2010-11-21 18:15

    Inside News24

     
    Traffic Alerts
    There are new stories on the homepage. Click here to see them.
     
    English
    Afrikaans
    isiZulu

    Hello 

    Create Profile

    Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


    Please provide a username for your profile page:

    This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.