Indoda 'ibulale' unkosikazi kubangwa ikhondomu esisebenzile

2017-02-16 14:00

Bulawayo - Owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala waseChitungwiza kusolwa ukuthi wabhaxatshulwa wumyeni wakhe waze washona kulandela ingxabano, ngoMgqibelo.

Kubikwa ukuthi owesifazane wathola ikhondomu esisebenzile emaphaketheni ebhulukwe lomyeni wakhe ngesikhathi ewasha impahla yokugqoka.

Amaphoyisa aqinisekise lesi sigameko ngoLwesithathu athi udaba luyaphenywa.

OLUNYE UDABA:Uziphendulele obanjwe umkakhe nekhondomu esebenzile

Okhulumela amaphoyisa uChief Superintendent Paul Nyathi, uzwakalise ukukhathazeka ngokukhula kwezinga lamacala ahlobene nodlame lwasekhaya.

"Amaphoyisa aseZimbabwe aphenya icala ngezinsolo zokubulawa kowesifazane oneminyaka engu-24 ubudala emzini wakhe oseChitungwiza.

"Ngomhlaka-11 Febhuwari 2017 ngezithuba zabo-01:00, umufi waxabana nomyeni wakhe oneminyaka engu-34 ubudala mayelana nekhondomu ayithola emaphaketheni ebhulukwe ngesikhathi ewasha impahla yokugqoka," esho.

UNyathi uthe ngeSonto ngezithuba zabo-08:00, udadewabo kamufi nguye owabikela amaphoyisa ngemuva kokuthola isidumbu ngaphansi kombhede emzini walezi zithandani kulandela ukuzwa iphunga elibi.

"Isidumbu satholakala sigaxwe intambo emqaleni, ubuso buvuvukele siphuma igazi emlonyeni."

Kwabikelwa amaphoyisa ase elanda isidumbu asiyisa emakhazeni asesibhedlela, lapho safike sahlolwa khona.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.