Indoda ichomele unkosikazi 'ngenkomo' yentombi

2016-08-17 17:31

Bulawayo - Izithandani zaseHarare sezihlale izinyanga ezine zingayi ocansini ngemuva kwezinsolo zokuthi umyeni ulokhu echoma ngesitho sangasese sentombu yakhe, lokhu kuzwakale enkantolo.

Lokhu kuvele izolo ngesikhathi uYevai Zvichauya efuna ukuthatha ingane kube ngeyakho.

OLUNYE UDABA: Isoka lithathe ingane umama wayo elala nomfowabo

UZvichauya utshele inkantoolo ukuthi umyeni wakhe u-Amon Hukasha washiya umuzi wabo wayohlala nentombi yakhe wathatha nengane yabo yokuqala.

UZvichauya uthe njalo uma ebuyile ekhaya uyamhlukumeza phambi kwengane yabo yokugcina.

"Ufika endlini ekuseni azofuna sizibandakanye ocansini, uma nginqaba aqale angithuke," kusho uZvichauya.

"Uphinde aqhoshe ngeokuthi intombi yakhe inesitho sangasese esingcono kunesami futhi uyasithokozela sona."

UZvichauya akagcinanga lapho njengoba ephinde wathi umyeni wakhe akabanakekeli yena nengane yakhe.

"Selokhu sashada akakaze angithengele ngisho nedilozi."

UHukasha uthe uma inkantolo ivuna uZvichauya uzocela ukuba akwazi ukuzibona izingane. Kodwa akuqgamise kakhulu emshadweni wabo wukuthi uZvichauya akafini benze ucansi, wathi yikho okuyinkinga.

"Inkinga la ukuthi sekuphele izinyanga ezine engafuni senze inkonzo yasekamelweni, kwesinye isikhathi uma ngicela uvele athi angiyolala umma," kusho uHukasha.

UHukasha uphinde waziphika izinsolo zoklungondli wathi inkinga abanayo eyemali yerenti kulandela ukungavuselelwa kwenkontileka yakhe enkampanini yotshelwa.

Imantshi ibingakasikhiphi isinqumo, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.